Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES
[player id=4301]
Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

SEKUZOBHALISWA IMINININGWANE YABATHENGA UMUTHI WOMKHUHLANE EMAKHEMISI

Posted on 6 May 2024

I-South African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA) kanye nabanye abalawuli bezempilo bamiselwe ukusebenzisa izindlela zokunqanda amazinga aphezulu okusetshenziswa kwe-codeine.
Lolu hlelo luzophoqa amakhemisi, nezinye izinhlaka ezikhipha imithi, ukuthi ziqophe izinombolo zomazisi zabantu abanikezwe imithi, njenge-codeine esetshenziselwa ukukhulula izinhlungu nezinye izingxube zokukhwehlela.

Lolu hlelo luyimizamo yokulwisana namazinga aphezulu okusethsenziswa kwe-codeine, ikakhulukazi entsheni.

Abantu abasha kuleli abonakala besebenzisa iCodene kakhulu etholakala ikakhulukazi emuthini womkhuhlane. Kukholakala ukuthi iyasethsenziswa kakhulu uma kukhandwa isidakamizwa esaziwa ngokuthi yiNcika noma phecele iLean engaconsi phansi etsheni kulezi zinsuku.

“Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu abanikezwa imithi ye-codeine baqoshwa phansi ohlelweni olutholakala kuwo wonke amakhemisi nakwezinye izindawo zokudayisa ukuze kunqandwe ukuthengwa kwayo ngendlela engavumelekile emakhemisi, emtholampilo nasezindaweni zodokotela,” kusho umkhulumeli we-SAHPRA uMadimetja Mashishi.

Uthe lolu hlelo luphinde luhlose ukuqinisekisa ukuthi abantu banikezwa kuphela umkhawulo osemthethweni wokusiza izifo ezahlukene okungenzeka babhekane nazo, okuhlanganisa ukukhwehlela nokwelapha izinhlungu.

Recent Posts

  • KUBOSHWE ABANGU 201 NGAMACALA OKUDLWENGULA EVIKINI ELEDLULE KULELI
  • KUDUTSHULWE KWABULAWA UMLISA WASEMOZAMBIQUE OBEFUNELWA AWOKUTHUMBA
  • WAYEVELE ENGUVILA VOCO UFLOYD NANGESIKHATHI ESEKU-EFF – MGCINI TSHWAKU
  • UGWETSHWE UDILIKAJELE UMLISA WASEZAKHENI OWABULALA INGANE YAKHE(6)
  • KUBOSHWE UMNIKAZI WENKAMPANI E-KZN EQHASHE ABOKUFIKA ABANGENAZO IZINCWADI EZIFANELE

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

UTHUKELA  FMUTHUKELA FM
Listen on myTuner radio!
    ©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme