Sekutholakale omunye umzimba womuntu untanta emfuleni iKlipriver maduzane nedolobha umnambithi.
Abantu abebedlula ngendlela babone into entantayo emanzini base basola ukuthi kungenzeka ukuthi kube ngumuntu. babe sebebikela amaphoyisa afika ngokushesha kanye nabosizo lokuqala. `umzimba usutakuliwe emanzini, kodwa kuze kube manje akukacaci kahle noma umuntu wesilisa noma ngowesifazane. Ajujaqinisekiswa noma usaphila yini lomuntu.
Sekuyinsakavukela ukuminza nokumuka kwabantu kulendawo njengoba izimvula zilokhu ziqhubeka nokuna. uzokhumbula ukuthi kusanda kuminza umtwana oneminyaka elishumi eyokha amanzi endaweni yaseTholeni.
Lolu daba luyaqhubeka