Sekuqalwe uphenyo ngesigameko sokudubula esiteshini samaphoyisa eKZN. Kubikwa ukuthi owesilisa ungene esiteshini samaphoyisa eRichmond ngempelasonto ethi udinga usizo.
Amaphoyisa athi lomlisa wephuce elinye lamaphoyisa isibhamu somsebenzi lingazelele kwasuka isidumo kwadutshulwa iphoyisa lesifazane.
Kusolakala ukuthi umsolwa uphinde wadubula walimaza amanye amaphoyisa amathathu, ngaphambi kokuthi amaphoyisa amdubule naye wafela kohna lapho.
UMnuz Nthabeleng Molefe, ongaphansi kwenyunyana yamaphoyisa iPopcru, uthe amaphoyisa abesemsebenzini aseqalile ukwelulekwa ngokwengqondo.
Kuvulwe amacala amathathu okuzama ukubulala ukuze kuphenywe.
“Lesi yisimo esingesihle ngoba sikhombisa ukuthi iziteshi zethu zamaphoyisa aziphephile. Uma umuntu ekwazi ukungena ngaphakathi ahlasele amaphoyisa. Sicela amaphoyisa ahlale eqaphile ngaso sonke isikhathi.”