Imvula enamandla ehambisana nokuduma nemibani isihlasele endaweni yaseLangkloof eBergville yadlula nemiphefumulo ntambama nje.
Kubikwa ukuthi ukuduma kwezulu nemibani okubekhona kufice abasebenzi baseplazini elaziwa ngukuthi kukaThabo besebenza lashaya labulala ababili abangadaluliwe kwathi abanye baphuthunyiswa esibhedlela sendawo iEmmause Hospital.
UCllr weNdawo uMondli Letswalo usiqinisekisile lesi sigameko ufikile khona eplazini wathola amaphoyisa , nabosizo lokuqala bekhona esigamekweni abalimele baphuthunyiswe esibhedlela