Amaphoyisa amahlanu ashone esemsebenzini kusukela kuqale unyaka.
Lokhu kushiwo ibamba likaKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke, uLt General Tebello Mosikili, obekhuluma emzini kaConst Ayanda Moyikwa, 32, eMfuleni eWestern Cape ngeSonto.
UMoyikwa ubesendleleni eya emsebenzini ngeSonto ekuseni ngesikhathi ebona ukuthi kukhona inkunzi wase esabela. Udutshulwe washona waphucwa isikhwama sakhe semali nomakhalekhukhwini ngabasolwa ababili.
UMosikili ovakashele umndeni kaMoyikwa ehamba noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni saseWestern Cape, uLt General Thembisile Patekile, uthe kusetshenziswe izinsiza eziningi kanti sekuqalwe umkhankaso wokuthungatha ababulali baleli phoyisa. “Kuyakhathaza kakhulu ukuthi esikhathini esiyizinsuku eziyishumi silahlekelwe amalungu amahlanu – amalungu amathathu eFree State, ilungu elilodwa eGelvandale e-Eastern Cape kanti namuhla silapha eMfuleni. Bonke oConstable abasebasha abasanda kuqashwa ukuthi beze bazothuthukisa amaqembu ethu amaphoyisa futhi baqinisekise ukuthi imiphakathi yethu iphephile.
“Kungase kube ukulahlekelwa yiphoyisa, kodwa impilo elahlekile iningi kakhulu. Usuku nosuku sibala cishe izimpilo ezingama-45 noma 50 ezweni lonke ezibulawa yizigebengu,” kusho yena.
UMosikili uthe uMoyikwa ubezobe egubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesihlanu ehlanganisa iminyaka engu-33 nendodakazi yakhe eneminyaka emibili.
Ukugxekile ukuhlaselwa nokubulawa kwabesilisa nabesifazane ngezingubo eziluhlaza wacela imiphakathi ukuthi isebenzisane namaphoyisa ngokubika izigebengu nobugebengu emiphakathini.
Uthe akumele kubekezelelwe ukuhlaselwa nokubulawa kwabantu okuqhubekayo futhi wanxusa amalungu ukuthi ahlale ekulungele ukusebenza futhi aqinisekise ukuthi izinto zokuzivikela kanye nemishini yawo isesimweni esihle.