Ucwaningo lwe-Human Sciences Research Council (HSRC) lukhombisa ukuthi abantu ababalelwa kwezigidi ezimbili baphila negciwane lesandulela ngculaza i-HIV KwaZulu-Natal.
Lolu cwaningo luthole ukuthi uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe, KwaZulu-Natal inesibalo sesibili esiphezulu sabantu abane-HIV ezweni, kanti iMpumalanga inesiphezulu kunazo zonke.
Okhulumela i-HSRC, uDokotela Lucky Ditaunyane, uthe lolu cwaningo luthole ukuthi isifundazwe saKwaZulu-Natal sibalwe njengesesibili esinezinga eliphezulu le-HIV ngo-16% ngo-2022, kwehla kusukela ku-18% ngo-2017.
“Lokhu kushintshela kubantu abangu-1,980,000 abaphila ne-HIV eKwaZulu-Natal, kwehla kwabangu-1,990,000 ngo-2017.”