Njengoba usuku lokhetho lusondela, osaziwayo abaningi sebezihlanganisa namaqembu ezepolitiki ikakhulukazi iqembu elisanda kusungulwa loMkhonto weSizwe, eliholwa owayengumengameli uJacob Zuma. Kuloluhlu kukhona umlingisi u-Ernest “Ma A Da” Msibi, odume ngelikaChester emdlalweni othi Yizo Yizo.
Kungekudala, kuqhamuke ethi umlingisi, uKhulu Skenjane naye usejoyine uMkhonto Wesizwe Party. Waziwa ngendawo ayilingisayo ezinhlelweni zikamabonakude ezidumile, iJerusalema, Binnelanders, kanye ne-A Place Called Home, ulandela ezinyathelweni zomculi weHip Hop uZulu Boy.
Lo mlingisi owake waba ngumlingisi weYizo Yizo neGomora ungusaziwayo wakamuva okuthiwa ujoyine leli qembu futhi usebhukhelwe ukuba aphathe ipikiniki yabo kule mpelasonto. Umuntu osondelene naye uthi,’ Osaziwayo balambile. Bafuna ukukhokhelwa, futhi uma iqembu likubhukha futhi likukhokhela, kungani ungavumelani nabo.’ Umthombo uthi, “Abalingisi nabaculi baseNingizimu Afrika sekuneminyaka bekhala ngeqembu elibusayo nokuthi abaculi abaningi bakuleli basebenza kanzima kodwa bashone sebeyzihlupheki.