Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

“NOMA SIBUYE SINGEZWANI NE-DA KODWA KUMELE SISEBENZISANE” – ANC

Posted on 5 November 2024

I-ANC ne-DA bavumile ukuthi nakuba kunemibono ehlukene kodwa kumele bathole izinto abavumelana ngazo ukuze baqinisekise ukuthi ukuhlinzekwa kwezidingongqangi eKZN. Izigameko zakamuva kuMasipala waKwaDukuza kubikwa ukuthi zinyuse ukushuba kwesimo kuhulumeni wobumbano lwesifundazwe.

I-ANC igxeke i-DA ngokungahambisani nevoti lokungabethembi iMeya uLindile Nhaca ngesonto eledlule.

IPhini likaSihlalo we-ANC esifundazweni, uNkk Nomagugu Simelane, uthi ukungaboni ngaso linye kwabo akumele kubavimbe ekusebenziseni ngokubambisana.

“Ukungezwani phakathi kwe-ANC ne-DA kuyohlale kukhona ngoba ngokwemibono, sisezinhlangothini ezimbili ezihlukene. Kodwa lokho akusho ukuthi ngeke sikwazi ukusebenzisana.”

Ukhulume esithangamini se-ANC ebesikhuluma ngezinsuku eziyi-100 zobuholi besifundazwe eMhlanga ngoMsombuluko.

“Abaholi abakwikhabhinethi nesiShayamthetho sebevuthwe ngokwanele ukuthi baqonde ukuthi kumele sikwazi ukusebenzisana ukuze lesi sifundazwe sifezekise futhi silethe ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu,” kwengeza uSimelane.

Khonamanjalo, uDean Macpherson weDA ubelokhu ephawula ngokuqhubekayo KwaDukuza.

“I-DA ngeke silindeleke, futhi ngeke sivume ukuthi ilungise izinkinga zangaphakathi zelinye iqembu lezepolitiki kuhulumeni wasekhaya. Lokho akuwona umsebenzi wethu noma isibopho sethu ngoba lokhu kuzoqeda ubuqotho nokuzimela kwethu njengeqembu lezepolitiki,” usho kanje.

Recent Posts

  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION
  • UZOLALISA OKWENGANE NAMUHLA OPHUNYULE KWELIKATHABO BESTER NOMAGUDUMANA
  • UFUNA KUBHEKISISWE INDABA YABOKUFIKA UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATALI
  • USEZOKWAZI UKUKHIPHA UMCULO FUTHI USIPHOKAZI EMVA KOKUVALELEKA NGAHANDLE ENDIMENI IMINYAKA
  • UVELE ENKANTOLO UNKOSIKAZI OSOLWA NGOKUBULALA UMYENI NGENXA YOMSHWALENSE

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme