IThabo Mbeki Foundation isichithile izindaba ezingamanga ezinkundleni zokuxhumana ezithi lowo owayenguMengameli uThabo Mbeki akasekho emhlabeni. Ezinye zezinsolo zithi uMbeki uyagula.
Lenhlangano ikuqinisekisile ukuthi lowo owayengusopolitiki uyaphila futhi unempilo enhle. “Siyayiphika ngokuphelele le mibiko futhi sifisa ukuqinisekisa umphakathi ukuthi uMengameli uMbeki uphile saka,” kusho isitatimende.
Lesi akusona isigameko sokuqala lapho kubikwa amanga ngempilo kaMbeki.
Ngo-2021, imibiko engamanga yathi uMbeki washona ngenxa ye-Covid-19 ngemuva kokulwa naleli gciwane isikhathi esingangesonto. Lenhlangano yaphinde yazichitha lezo zinsolo zokuthi ushonile. UMbeki ube ngumengameli wesibili omnyama waseNingizimu Afrika kusukela ngo-1999 kuya ku-2008 ngemuva kokuthatha izintambo kuNelson Mandela.
Kunxuswe abantu ukuthi bangazikholwa izindaba ezingamanga noma imibiko esakazwa ezinkundleni zokuxhumana ukugwema ukusabalalisa imininingwane engamanga nokudukisa umphakathi.