Iyaqhubeka imidlalo ya ma quater finals Africa Cup of nations(Afcon) namuhla ebusuku njengoba amehlo ethe njo kubafana balapha ekhaya ukuthi bayokwazi yini ukuthi badlulele esigabeni esilandelayo.
I bafana bafana idlala nezwe lase Cape Verde ngo 10 ebusuku namuhla ukubanga ukuzibekisela indawo KUMA Semi finals.
I bafana Iya kulo mdlalo nje yazi kahle ngomlando walolu suku okungu 3 FEBRUARY, njengoba kuwu suku lapho eyaqala khona ukuzwa Umuzwa wokuphakamise yona lenkomishi abayidlalelayo. I bafana yanqoba lenkomishi okokuqala ngqa ngo 1996 ngalo lolu suku okwenza Umdlalo wanamuhla ubaluleke ngenye indlela kubona.
Umdlali waso phondweni lwesokudla we bafana Thapelo Morena, uthe bakuqonda kahle ukubaluleka kwalo mdlalo futhi bayazi ukuthi ama blue Sharks ayi ngozi ngakuphi, futhi antekenteke ngakuphi.
Inqwaba yabadlali bebafana babengazi nanyaka bengazi nokuthi lidumephi njengoba babengaphansi kweminyaka emihlanu ngenkathi lelizwe ligcina ukunqoba le ndebe. ukukukhela nje kwabanye balabo badlali esibabalayo, singabala Ukaputeni weqembu Ronwan Williams, owayeneminyaka emine ngo 1996, Percy Tau, khuliso Mudau, Mothobi Mvala, Riccardo Goss, Aubrey Modiba bona babeneminyaka emibili nje von. Kanti abanye babengakazalwa abadlali Abafana no Mokoena, Maseko, Lepasa, Adam’s Kanye noma Yambela.
Kanti Umqeqeshi we qembu lezwe lase Cape Verde u (Bubista) ogama lakhe lempela Pedro Brito, uthi namuhla usuku lwabo lokuqopha umlando njengoba vele bangena benenhloso yokuthi kumele bafike KUMA Semi final njengoba bengakaze befike kuwona kulo mqhudelwano.
Ngo nyaka Ka 2013 bagcina kuma Quater Final bekhishwa yizwe lase Ghana ngo 2_0 kumqhudelwano owawubanjelwe lapha eningizimu Africa.
Uthi banye manje abantu abami phambi kwephupho labo lokuthi bafike kulesi sigaba okuyi ningizimu Africa.
Mibili imidlalo namuhla
MALI vs Cote Ivory 19:00
South Africa vs Cape Verde 22:00