UHLELO lukahulumeni wase-United States lokweseka i-HIV/AIDS, olwaziwa nge-PEPFAR, lumisiwe okwesikhashana izinyanga ezintathu kuze lubuyekezwe, luthinta izifunda eziyisikhombisa KwaZulu-Natal, okuhlanganisa noThukela. UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi umemezele ukumiswa kwalokhu, eveza umthelela wako ezifundeni ezifana neHarry Gwala, King Cetshwayo, Ugu, Umgungundlovu, uThukela, neZululand. Ukumiswa kuzothinta nabasebenzi bakulezi zindawo abaxhaswe yilolu hlelo. I-PEPFAR, eyasungulwa nguMongameli wase-U.S., idlala indima ebalulekile ekusekeleni imizamo yokuvimbela i-HIV kanye nokwelashwa eNingizimu Afrika.
UMotsoaledi ukugcizelele ukuthi kubantu baseNingizimu Afrika abayizigidi ezingu-63, cishe abantu abayizigidi ezingu-7.8 baphila ne-HIV. Njengamanje lolu hlelo luqashe abasebenzi abayizi-15,154, izifundazwe ezithinteka kakhulu yiGauteng (abasebenzi abayizi-6,090), iKwaZulu-Natal (abasebenzi abangu-3,079), ne-Eastern Cape (abasebenzi abayi-1,585). Naphezu kokumiswa, uMnyango wezeMpilo usaqhubeka nokuqasha abasebenzi abangu-256,452 abasasebenza emkhankasweni we-HIV/AIDS. IGauteng iyona ehamba phambili ngesibalo sabasebenzi abaxhaswe nguhulumeni (78,685), ilandelwa yiKZN (59,673) ne-Eastern Cape (31,438).
UNgqongqoshe uveze ukuthi u-R46.8 billion usetshenziswe ezinhlelweni ze-HIV onyakeni wezimali odlule, kanti kulindeleke ukuthi inyuke ibe ngu-R48 billion onyakeni ozayo. Ugcizelele ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika usabambe iqhaza elikhulu ezinhlelweni ze-HIV/AIDS. Ukuze kuncishiswe umthelela wokumiswa, izifundazwe ziyalelwe ukuthi zenze izinhlelo zesikhathi esifushane nezesikhathi eside zokuqinisekisa ukufinyelela okungaphazamiseki ekwelashweni nasezinsizeni.
ububi.
UMotsoaledi uphinde wabalula ukuthi izingxoxo neHhovisi LeNxusa laseMelika zenzeke ngoMsombuluko, yize kungekho ukuxhumana okusemthethweni mayelana nokumiswa. Unxuse izinhlangano ezithintekayo ukuthi zilusukumele lolu daba, ikakhulukazi ngemuva kokuthi ezinye izikhungo zibike ukuthi zithole izaziso mayelana nokumiswa koxhaso, nokungase kushiye abasebenzi bengaholile. UNgqongqoshe uqinisekise ukuthi iyaqhubeka imizamo yokuxazulula isimo kanye nokunciphisa ukuphazamiseka kwezinsizakalo ze-HIV/AIDS.