Icala leNingizimu Afrika elivulele izwe lakwaIsrael lizoqulwa namuhla eNkantolo Yobulungisa Yamazwe Ngamazwe e-The Hague eNetherlands.
INingizimu Afrika isole i-Israel ngeqhaza layo ekubulaweni kwabantu empini yayo neqembu lamaphekula asePalestine, iHamas.
UNgqongqoshe wezoBulungiswa uRonald Lamola nguyena ohola ithimba labameli baseNingizimu Afrika kuleli cala.
Uthi inkantolo iyinkundla efanele yokubekela inselele unya luka-Israyeli eGaza.
“Lena yinkundla ebalulekile yomphakathi wamazwe omhlaba ukuthi iphinde ibeke umthetho wamazwe omhlaba osuselwe emthethweni.
ULamola ufunge wagomela ukuthi iNingizimu Afrika yethula icala eliqinile nelinomgomo ebambekayo.
“Ithimba labameli baseNingizimu Afrika lizobe licela i-ICJ ukuthi ikhiphe isivimbelo esizobenza bakwazi ukumisa izwe lakwa-Israel ukuthi liqhubeke nokuhlasela eGaza, bese kubhekwana nezindaba ezibalulekile ngokuhamba kwesikhathi. Okuphuthumayo ukunqanda ukubulawa kwabantu, okuyisikhundla esinezimiso; futhi wukuqinisekisa ukuthi sibuyisela ukuhlonishwa komthetho.”
Siyazethemba ukuthi ngokomthetho, nangokwezobuchwepheshe obuhlobene nenkantolo, izwe linomlenze omuhle wokuma kulo, kanye necala okufanele liyiswe enkantolo,” kwengeza uLamola.
Amasosha akwa-Israel aqale ukuhlasela ngemuva kokuthi amasosha aseGaza ebuswa yiHamas enze udlame ngo-Okthoba 7 emngceleni lapho i-Israel ithi kwabulawa abantu abangu-1 200 kwathi abangu-240 bathunjwa.
Kusukela lapho, lokhu kuhlasela sekuchithe ingxenye enkulu yeGaza Strip enabantu abaningi, futhi cishe bonke abantu bayo abayizigidi ezi-2.3 baxoshiwe emizini yabo okungenani kanye, okubangele inhlekelele yabantu.