OKlebe badalule inkohlakalo okungenzeka ukuthi iyamaniswa noSergeant Ntokozo Mngqithi oyiphoyisa elisolwa ngokubulala ingoduso yakhe, uNtombi Mbanjwa.
UMngqithi, oboshwe ngesonto eledlule, usolwa ngokudubula abulale uMbanjwa eMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal ngo-Ephreli.
Ngesikhathi ziphenya icala lokubulala, iziphathimandla zathola ukungahambi kahle kwezimali ecaleni lokubulala ngokungenhloso uMngqithi ayebhekene nalo. Okhulumela oKlebe eKZN, uSimphiwe Mhlongo, uthe kunemali eningi efakwe kwi-akhawunti kasayitsheni.
Icala liqale ngoNovemba 2022, lapho iloli lashayisana nemoto, kwashona abantu abayisikhombisa. UMhlongo usola ukuthi uMngqithi wafuna u-R60 000 kumshayeli weloli ukuze “achoboze” icala futhi wabukhipha ngamabomu ubufakazi obubalulekile edokodweni, ngisho esethole imali engaphezu kuka-R30 000.
UMngqithi manje usebhekene namacala enkohlakalo kanye nokuqeda ubulungiswa. Uzophinde avele enkantolo ngesonto elizayo.