Umqeqeshi wakuleli u Pitso John Mosimane (59) yena kanye neqembu lakhe lase Saudi Arabia okuyi ABHA CLUB Sekuwumlando ukuthi ubesebenza kulona ngemuva komuphumela wayizolo kusihlwa njengoba beshayiwe ngo 2-1 beshaywa yi AL Hazem, ngemuva kwalo mdlalo libe seligqashuka igoda ebelifasiwe phakathi kwabo bobabili.
Kwenzakalani kulomdlalo obukade ubaluleke kangaka ku Pitso
Ezika Pitso ziye kuloya mdlalo wazo wokugcina zidinga ukunqoba ukuze ziphephe ezembeni, ziwuqale kahle umdlalo njengoba zize zaya ekhefini kungekho evuma Ukugoba uphondo, futhi zaqala kahle nesiwombe sesibili njengoba kuyibona ababone kuqala ipali ngomzuzu ka 47 (Ahmed Abdu Jaber)
Ezika Mosimane zihlulekile ukubambelela kuleli goli njengoba ngomzumzu ka 58
Muhammed Badamosi kwase kuthi sekusele imizuzu eyishumi Mohamed Al Thani wavalela elokunqoba phakathi. Grzegors Krychowiak ulitholile ithuba lokuthi alinganise kulomdlalo njengoba bethole penalty ngomzuzu ka 90 kodwa wayigeja azigcinanga lapho ukubhimba izinto njengoba kuphinde kwaphuma ne khadi elibomvu ku Marcel Tisserand
Umbuzo omkhulu manje uthi ngabe uyaphi umfoka Mosimane, njengoba kukhona izinkomba ezimkhomba lapha ekhaya
Cristino Ronaldo uphinde waziqophela owakhe umlando njengoba kube uyena umgadli ovelele ushaye 35 goals.