Asezakhele udumo amaphoyisa amabili asebenzela isiteshi samaphoyisa sase Mnambithi ngokuba usizo emphakathini yasemakhaya.
UWarrant Officer Mlungisi Radebe kanjalo no sayitsheni Sanele Dubazane, lezinsizwa ezimbili zivale inyanga yabesifazane ngokuhlanganisela umndeni oswele wase Hopesland izipho ezahlukene ekubalwa imibhede ukudla kanjalo nezimpahla zokugqoka.
Lama phoyisa asebenza ngaphansi kophiko olubizwa nge Rural and Traditional Policing Committee athi asenze isinqumo sokuthi njalo ngenyanga kube khona umuntu oyedwa osizakalayo ngaphansi kwe komidi labo kanjalo nezinhlaka abasebenza nazo.
Usayitsheni Dubazana uthi umndeni wakwa Zwane awunabo omazisi kanjalo nabantwana abathathu abanazo izitifiketi zokuzalwa.
UDubazane uthi uyafisa ukuthi kube khona ongabalekelela ngokubakhela ukuze umama u Thobile uMashabalala Zwane kanjalo noBaba wakwakhe okhubazekile u France Zwane babe nekhaya elinesithunzi.
Ukhansela wendawo Mnuz Mthokosizi Khoza akawuvali umlomo ngezipho ezitholwe umndeni wakwaZwane uthi uyabonga kuDubazane kanjalo noRadebe nethimba ababambisene nalo ukwenza umsebenzi omuhle kangaka emphakathini.