I-Wembezi Township Community Appreciation & Recognition Awards (WTCRA) ilungiselela umcimbi wayo waminyaka yonke wesibili olindelwe ngabomvu. Lo mcimbi wodumo uzobungaza amagalelo akhethekile abantu nezinhlangano ezizinikele ekufukuleni umphakathi waseWembezi.
Lo mcimbi ohlelelwe ukuthi wenzeke maduzane uthembisa ukuhlonipha amaqhawe angakaze ahlonishwe abambe elikhulu iqhaza emikhakheni eyahlukene. Ngaphansi kobuholi bukaMnu. Makuyi, umsunguli we-WTCRA, le miklomelo isibe yinsika yokuhlonishwa nokuthuthukiswa komphakathi.
Kulo mcimbi kuzobe kunezinkulumo ezikhuthazayo, ezokuzijabulisa kanye nokwethulwa kwezindondo kwabaphumelele.
UMnu. Makuyi uveze injabulo yakhe ngomcimbi ozayo, egcizelela ukubaluleka kobumbano ekuqhubekiseni izinguquko ezinhle. “Lokhu kungaphezu komcimbi wezindondo; wukubungaza umoya wokusebenzela kanye nekhono esinalo njengomphakathi uma sihlangene,” usho kanje.
Lomcimbi uzobanjelwa ehholo lomphakathi laseWembezi ngoMgqibelo Mhla ka 21 kuDisemba kusuka ngo-10 ekuseni kuze kube kuyobumbana ihora lesihlanu ntambama.
Kanti kungenwa mahhala.