Kuyoba ongaphansi phezulu namuhla ntambama phakathi kwe njampela FC Kanye no Msinga FC njengoba kuyobe kubangwa ukuthi ubani inqwele yalapha kwa Zulu Natal kwi ABC Motsepe league play Off.
Lomdlalo uzodlalelwa eMandeni ngo 15:00 ekundleni ebizwa ngokuthi ikwa (Ngced Omhlophe) okuyinkundla engavuni muntu njengoba ithathwa ngokuthi iyona ephakathi Uma ubheka amaqembu ukuthi aphuma kuphi.
Abafanabase kuthuleni okuyigama eteketiswa ngalo Njampela FC ibona abanqobe stream A
P. 16
W.12
D. 02
L. 02
PTS.. 38
Kanti Amabhubesi wona okuwu Msinga FC banqobe stream B
P. 18
W. 13
D. 03
L. 01
PTS.. 43
Lona kuzoba Umdlalo womlenze owodwa, angeke kuze kube khona Umdlalo ozoyodlalwa kwa Nongoma kuphinde kuyiwe Emsinga yingakho kuqokwe inkundla emaphakathi okuzodlalelwa kuyona. Ozonqoba namuhla uyena ozoyomela iKwazulu Natal kuma play Off azobanjelwa Eastern cape sekubhekene manje ama province vs province.
Kanti Kulomdlalo wanamuhla ngasohlangothini lwe njampela fc bazothembela kakhulu kubafana abafana no Gattuso, Fanele Kanye no Zizo.
Ngaso hlangothini lwama Bhubesi khona zikhona izithenjwa zabo nabo ezifana no Mgabe Izinto ezingalibheki ipali, Brivo Kanye no Aguero.
Iqembu lalapha ekhaya eMnambithi okuyi Drankensburg FC (IZINYONI ZEZULU) Zona beziku stream B zigcine zilele isithathu ngamaphuzu angu 3.