Namuhla ngusuku lwesithathu kwamuka abantu ngemuva kwemvula eyadala izikhukhula eMnambithi ngeSonto ebusuku.
Abatshuzi kanye namaphoyisa bayaqhubeka nokuthungatha labo abangakatholakali.
Okwamanje isibalo sabangakatholakali sibalelwa kwabalishumi nambili kanti bayisithupha asebeqinisekisiwe ukuthi bashonile.
Okhulumela iIPSS Search and Rescue uTereza Van Der Berg uthi bayaqhubeka nokuthungatha labo abasalahlekile yize imvula iphinde yana usuku lonke lwayizolo okwenze kwabanzima kakhulu kubatshuzi kodwa basebenza ngokuzikhandla nokubambisana okuhle naphoyisa ukusiza imindeni elahlekelwe. UTereza uphinde wakuveza ukuthi namuhla abakwazanga ukuthola noyedwa kulabo abasadukile kodwa banethemba lokuthi bazotholakala njengoba kuqhubeka ukuthungatha.
UNgqongoshe wezokubusa ngokubambisana kukahulumeni nabaholi bendabuko kwaZulu-Natal uBongi Moloi-Sthole uhambele imindeni yalabo abalahlekelwe yizihlobo zabo kulenhlekelele. Ekhuluma nabezindaba uMoloi-Sithole uthe ibalelwa ku 1400 imindeni ekhahlamezekile kulesifundazwe okuhlanganiaa nabaseMandeni kanye naseNewcastle.
Kucelwa labo abahlala eduze nemihosha ukuba baqhele ezindaweni zabo ukuziphephisa njengoba kubikwa ukuthi zisazoqhubeka nokuna izimvula.