Ochwepheshe bezempilo bachaze i-Hubbly Bubbly, njengombulali onganakekile kodwa oyingozi kakhulu kwabayisebenzisayo.
Abantu abaningi batshelwa okungelona iqiniso ngobungozi bokusebenzisa leli payipi elidume kakhulu ezindaweni zobbumnandi kulezi zisuku.
Owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala waseMahikeng, eNorth West, usanda kulwela impilo yakhe esibhedlela ngemuva kokushaywa yisifo sohlangothi, ongoti bezempilo abathi kungenxa yokubhema loluhlobo lukagwayi.
Udokotela wezokwelapha u-Norman Mabote uthi, “I-hubbly bubbly iyingozi kakhulu kunogwayi ngoba, ngokuhamba kwesikhathi, abantu abaningi abawusebenzisayo bavame ukuba nezinhlobo eziningi zezifo noma umdlavuza. Ungaba nomdlavuza womlomo, izifo zokuphefumula, umdlavuza wamaphaphu, umdlavuza wesinye, nazo zonke izifo zenhliziyo ezihlobene nawo. Muningi kakhulu umoya weCarbon Dioxide ohogelwa ngasikhathi sinye uma kubhenywa lento, loko kubeka amaphaphu kwingcindezi enkulu eyedlula ekagwayi owejwayelekile.
UDkt Mabote uyachaza ukuthi kungani abantu abaningi ababhemayo abangazi lutho bagcina benezinkinga.
“Iningi lababhemayo eselisebenzise isikhathi eside liba nezinye izifo, ligcine lilaliswe esibhedlela ngoba abanye babo bazoba nesifo esingelapheki lapho bengakwazi nokuphefumula ngenxa yokuthi imigudu yomoya isilinyaziwe ngenxa yokusebenzisa njalo i-carbon monoxide.”