USIHLALO weNational Stokvel Association of South Africa (NASASA), uMnuz Andrew Lukhele, ugqugquzele umphakathi ukuthi wenze uphenyo olunzulu ngaphambi kokujoyina izitokofela.
Ukuphawula kwakhe kuqhamuke ngemuva kophenyo olwenziwa yiFinancial Sector Conduct Authority mayelana ne-United African Stokvel, okusolakala ukuthi iqole abantu abaningi bakuleli izindodla zemali kulonyaka.
Lesi bekungesona isikhathi sokuqala lolu hlobo lohlelo lushiya abatshali zimali bekhala ezimathonsi.
ULukhele uthe kungcono ukuba yingxenye yesitokofela kusukela ekuqaleni kwaso, esikhundleni sokujoyina isitokufea ongasazi siqale nini.
“Sikhule sazi ukuthi isitokufela siqalwa abantu abazanayo bendawonye, siyakuqala loku kokuthi ungafika isitokufela sesiphakathi bese uyajoyina, ikakhulukazi senziwa ngabantu ongabazi.
“Ingozi ukuthi uma ujoyina into ongakaze ube yingxenye yayo kusukela ekuqaleni, awuzazi izinjongo, izinhloso, ukuthi mangaki amalungu akhona. Ngakho-ke, ngikhuthaza abantu ukuthi basebenzise izitokofela namalungu abawaziyo,” kusho uLukhele