UKhozi FM selusememezele ngokusemthethweni umkhankaso walo wokuvotela izingoma ezizoba izingoma ezihlukanisa unyaka. Lolu hlelo lwethulwe ngoLwesine ntambama ohlelweni iWoza Nabangani Bakho, oluphethwe nguKhathide Ngobe no-Selby Mkhize.
Umphathi wesiteshi, uSbongi Ngcobo, kanye nomphathi wezokukhangisa, uLwazi Mkhabela, bachaze imigomo yalomkhankaso, bethi izingoma ezizongena kumele zibe zashicilelwa phakathi kukaJanuwari 1 no-Okthoba 31, 2024, futhi zidinga ukuqokelwa phezulu kubalaleli, abasakazi, kanye nokubukwa ukuthi zidlalwe kangakanani emsakazweni.
UNgcobo ugcizelele ukuthi uKhozi FM lunamalungelo agcwele egameni lomkhankaso Ingoma Ehlukanisa Unyaka, bese ephinda egcizelela ukuthi yonke imigomo ilandelwa ngokusemthethweni. Uphiko lwezomthetho luqinisekisa ukuthi akukho okungahambanga kahle.
UMkhabela uphinde waveza ukuthi ukuvota kuzohamba kanje: ngoNovemba 1, 2024, abalaleli bazovota ngokuthumela umyalezo “ingoma” negama lomculi nneshloko seculo ku-33665, ukuze kuqokwe izingoma eziyi-Top 10 zokugcina, futhi ukuvota kuvalwa ngoNovemba 15 ngo-12 emini.