Amaphoyisa athungatha umshayeli weloli okusolakala ukuthi ubalekile endaweni yengozi eyenzeke ku-N3. Kushone abantu abangu-18, okuhlanganisa nezingane ezinhlanu engozini eyenzeka phakathi kweloli, ikhumbi nemoto encane ngaseVan Reenen’s Pass ngoMsombuluko ebusuku.
Usana, okuyilona lodwa olusindile, lusesimweni esibucayi esibhedlela.
Esitatimendeni, iKZN Transport ithi uphenyo ngembangela enkulu yengozi seluqalile, njengoba izikhulu zinikele endaweni yesigameko ngoLwesibili.
INhloko yoMnyango uSiboniso Mbhele uhola ithimba lezobuchwepheshe njengengxenye yesigaba sokuqala sophenyo.
Khonamanjalo, okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshiunda uthe baphenya icala lokubulala ngokungenhloso.
“Kusolakala ukuthi iloli lishayisane netekisi kanye nemoto encane, ebinomgibeli oyedwa – ingane enonyaka ubudala uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo. Umshayeli weloli ubalekile endaweni yesigameko kanti amaphoyisa asathungatha. yena.”