Abaseshi bethungatha abanye abasolwa abafunwayo okukholakala ukuthi bayingxenye yeqembu lezigelekeqe elibandakanyeka ochungechungeni lokugetshengwa kwezindlu. NgoMsombuluko ebusuku kubulawe abasolwa ababili ngesikhathi bedubulana namaphoyisa KwaDukuza endaweni yaseThembeni.
Babefunelwa icala lokubamba inkunzi nokubulala.
Amaphoyisa athi sekunesikhathi ebheka laba basolwa kanti acishe aboshwa ngesonto eledlule.
NgoMsombuluko ntambama amaphoyisa alandele umkhondo walezi zigelekeqe endaweni yaseThembeni azama ukumisa imoto yawo.
Abasolwa ababili baphume emotweni bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.
Bobabili babulawa ngesikhathi kudutshulwana. Owesifazane oneminyaka engu-41 ubudala ongumshayeli akalimalanga waboshwa.
Elinye lamaphoyisa lidutshulwe amahlandla amathathu kodwa lasindiswa ivesti elivikela izinhlamvu.
Kutholakale ukuthi imoto abebeyisebenzisa abasolwa ngeyephoyisa.
Nokho bekungakatholakali ukuxhumana phakathi kwephoyisa nabasolwa abamataniswa namacala amane okubulala, elokuzama ukubulala nelokugebenga endlini.
Kusaqhubeka ukuthungatha abanye abasolwa.