UMkhandlu uThukela usikhiphe isixwayo emphakathini ngegciwane elitholakale emanzini elibizwa nge Escherichia coli ( E.coli).
Lelikhwelo libhekiswe kubantu abahlala eColenso, Winterton kanye nase Bergville.
Leligciwane imvamisa liyaye livele ezilwaneni, kuzokhumbuleka ukuthi ezinsukwini kutholakale ofishi abaningi befile eKanari.
UMkhandlu ube usuthatha amasampuli ayiswa elabhorethri ukuze kuyohlolwa yilaphoke kutholakale khona leligciwane
Leligciwane eliyingozi kakhulu kubantu abadala nasebantwaneni linezinkomba ezahlukene uma umuntu eselitholile njengokuba nomkhuhlane, ukuphathwa yisisu esikhiphayo, ukuphalaza nokunye kanti futhi liqeda ama red blood cells lidale ukufeyila kwezinso.
Abantu bayakhuthazwa ukuba babilise amanzi ngaphambi kokuba bawasebenzise kuze kuba umasipala uyaqinisekisa asekulungele ukusetshenziswa.