Ucwaningo olwenziwe yi-Stop Stockouts Project (SSP) lubonisa ukuthi izinsiza zokuhlela umndeni ziyashelela ezikhungweni zezempilo eNingizimu Afrika. Lolu cwaningo lwenziwe ngokubambisana nezinhlangano ezihlanganisa i-Doctors Without Borders, i-Rural Doctors Association of SA, i-Rural Health Advocacy Project, i-Section 27 ne-Treatment Action Campaign, kanye ne-Ritshize, ehlangene nezinhlangano ezibhekelele i-HIV ne-TB.
Ngokwalolu cwaningo, phakathi kuka-Ephreli 2022 noJuni 2023, abanye besifazane eKwaZulu-Natal, Eastern Cape, naseNorth West abahambela izikhungo zezempilo, babuyele emakhaya bengazitholanga izinsiza abazidingayo zokuhlela umndeni. Lolu cwaningo, olubizwa ngokuthi Ukusatshalaliswa Kwezinsiza Zokuhlela Umndeni – Ukuphela Kwezitoko Nezizathu Zakho, lukhishwe ngoLwesihlanu lapho kugujwa ukuphela kwenyanga yabantu besifazane.
UNkk Tendai Mafuma we-Section 27 uveze ukukhathazeka ngemiphumela yalolu cwaningo, ikakhulukazi ukushoda kwezinsiza okushiya abantu besifazane bengekho esimweni sokuhlela izimpilo zabo. “Kuyakhathaza ukuthi abantu bayaphoqeleka ukuthi bathenge izinsiza ezikhokhelwayo, esikhundleni sokuzithola mahhala ezikhungweni zikahulumeni,” kusho uMafuma.
Ucwaningo lubuye lwaveza ukuthi abasebenzi bezempilo bazama ngakho konke ukuthola ezinye izinsiza ezingasetshenziswa iziguli, noma ngabe lezo zinsiza akuzona ezikahle zona. Lokhu kubeka engcupheni ukulungiswa kwezidingo zezempilo zabantu besifazane eNingizimu Afrika.