Kusaqhubeka uphenyo ngokushona kwabasolwa ngokuba ngabavukuzi abangekho emthethweni abangu-78 abakhishwe emayini yaseStilfontein eNorth West. Ikheji elinongoti bokutakulwa lithunyelwe phansi ku-shaft 11 ongasasebenzi ukuze kubhekwe ukuthi basekhona yini abavukuzi abangekho emthethweni ngaphansi komhlaba.
I-Operation Vala Umgodi iqale umkhankaso wokuhlenga kusukela ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke u-Athlenda Mathe uthi bangu-1907 abavukuzi asebekhishiwe kusukela ngomhlaka-12 Agasti.
“Babe ngu-1,437 kanye nalaba abayisikhombisa abengeziwe asebephinde baphuma ezinsukwini ezimbili ezedlule. SineBuffel’s 11 Shaft, lapho kuphinde kwavuka abavukuzi abangu-365 abangekho emthethweni, kwathi ku-shaft 10, sinabavukuzi abangu-103,” kusho uMathe.
“Ngokwezizwe sinabantu baseMozambique abangu-1 125 asebeboshiwe, abaseZimbabwe simi ku-465, iLesotho Nationals 200, abaseNingizimu Afrika 26, oyedwa waseMalawi noyedwa waseCongo.
Uthi kuyaqhubeka ukuhlonzwa kwabavukuzi abangasekho.
“Babili kuphela asebehlonziwe kuze kube manje ngenxa yenselelo yokuthi iningi labo alinawo amaphepha asemthethweni. Abanye babo yizidumbu ezibolile ezivele zingamathambo. Ngakho uhlelo lolibofuzo luyaqhubeka.”