Udadewabo wowesifazane waseThekwini owabulawa, u-Ayabonga Mjilo, uthi umndeni uyehluleka ukwamukela ukushona kwakhe.
Imenenja ka-Ayabonga, uMfanafuthi Kunene ivele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko.
Umsolwa oneminyaka engu-37 usolwa ngokuthumba nokubulala uMjilo ngaphambi kokungcwaba isidumbu sakhe egcekeni lakubo eNanda.
Udadewabo uNksz Nontobeko Mjilo uncome amaphoyisa aseGreenwood Park ngomsebenzi wawo wokuvundulula umsolwa ogcine ukubonakala ehamba noMjilo endaweni yokudlela eMhlanga ngoKhisimusi.
“Kusukela ngelanga engabika ngalo icala labantu abalahlekile, bazingela u-Ayabonga ubusuku nemini. Abazange balilahle icala, bamthungatha yonke indawo. Nakuba samthola eshonile, ngibonga usizo lwabo.”
UNdunankulu uThami Ntuli naye uhambele amacala anamuhla enkantolo.
Uthi sekuyisikhathi sokuthi umphakathi nemindeni ibe nezingxoxo ezibucayi mayelana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane eKZN.
“Ngicabanga ukuthi wonke umuntu esifundazweni saKwaZulu-Natal, umphakathi wonke kumele usukume. Okokuqala, qaphela ukuthi sinale nkinga enkulu, futhi inombolo yesibili, hhayi esikhathini sethu.”
UKunene usagqunywe esitokisini kanti uzobuyela enkantolo ngomhlaka-26 kuFebhuwari ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.