INational Stokvel Association inxuse amalungu ezinhlangano zokonga umphakathi ukuthi akhethe ukubhanga nge-inthanethi uma ekhipha iminikelo yawo. Lesi sexwayiso siza njengoba kusondela isikhathi samaholidi.
Amalungu ezitokofela ajwayele ukuhlaselwa yizigebengu ngalesi sikhathi.
“Ngalesi sikhathi kufanele abantu baqaphele ukuthi imali bayihlukaniselaphi. Njengenjwayelo abantu bahlangana emakhaya. Ngakho-ke, kudingeka siqinisekise ukuthi ukwabiwa kwezimali kwenzeka endaweni ephephile,” kusho usihlalo kasoseshini u-Andrew Lukhele.
“Ngicabanga ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, abantu kufanele bathathe isinqumo njengeqembu ngoba inkinga ivela ngezinsuku lapho kumele kukhishwe isamba semali ebhange izohlukaniswa. Okumnandi futhi njengamanje asisekho isidingo sokuthi abantu bahlangane kuhlukaniswe imali engukheshi. amabhange onke asesebenzisa i-inthanethi nama-app ukubhanga. indlela elula ukuthi yonke imali isatshalaliswe ngohlelo lwe inthanethi”