Amaphoyisa akuleli athanda ukuxwayisa umphakathi ngokugibeza abantu aba”hike”ayo ngoba lokhu kungadala ukuthi babe yizisulu zobugebengu obufana nokubanjwa inkunzi nokubulawa.
Lesi sexwayiso sisukela ekwenyukeni kwezigameko lapho abanikazi bezimoto begetshengwa yilabo ababagibeze becela ulift.
Abanye abashayeli badunwe izimoto zabo ezindaweni ezaziwa ngokuthi yizindawo ezinabantu abaningi abacela amalift nokwenze ukuthi amaphoyisa akhiphe lesi sexwayiso.
Amaphoyisa ayaqhubeka nokuxwayisa izakhamuzi ukuthi ziqaphe kakhulu ukuze kugwenywe izigameko ezingezinhle ezifana nokudlwengulwa noma ukubulala kodwa kubonakale sengathi abanye abalandeli izeluleko kodwa bayaqhubeka nokugibeza abantu. Kuyashaqisa ukufunda ukuthi abanye abantu bacabanga ukuthi kungenzeka kungenzeki kubo kodwa lokhu kuziphatha kuvame ukubeka izimpilo zabo engcupheni.
UKhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga, uLieutenant General Semakaleng Daphney Manamela usenxuse umphakathi ukuthi uqhelelane nokugitsheliswa izintaba noma ukugibela abantu abangabazi.