I-International Football Association Board (IFAB) izomemezela ukwethulwa kwekhadi elisha eliluhlaza njengengxenye yokuhlolwa kwemigomo emisha ebholeni elikhokhelwayo, imithombo iqinisekise kwabezindaba izolo.
Izindaba zamakhadi aluhlaza zabikwa okokuqala yiphephandaba laphesheya kwezilwandle i-The Telegraph. Lelikhadi eliluhlaza kuthiwa lizonikeza onondweba igunya lokudingisa umdlali imizuzu elishumi ehleli ngaphandle epholisa ikhanda. Kuthiwa uma kwenzekile unomdweba wakunikeza lamakhadi aluhlaza kwaze kwakabili ngenxa yesizathu esisodwa, lokho kuyosho ukuthi usunganikezwa ikhadi elibomvu uma udula lapho,
Abengamele ibhola emhlabeni i-IFAB bamemezele ngoNovemba izinyathelo zokuthuthukisa ukuziphatha kwabadlali kanye nokwenyusa inhlonipho ebheke konompempe bemidlalo, okuhlanganisa ukuxoshwa kwesikhashana ngenxa yokwenqaba ukulalela umyalelo kanompempe kanye namacala athile afana nokugolozela onondweba ngezinqumo abazithathayo.
Lesi sijeziso esizolethwa yileli khadi eliluhlaza isivele iyasetshenziswe ngempumelelo emazingeni aphansi ebhola eYurophu kusukela ngo-2019-20, abadlali bayalelwa ukuthi baphume enkundleni imizuzu eyi-10 uma bekhombisa ukungahloniphi isikhulu, kodwa bekungekho khadi ebelisetshenziswa.
Leli khadi kuthiwa lizoqala ukuhlolwa kungekudala ebholeni elisemazingeni aphansi emhlabeni ngaphambi kokuthi liphasiswe ngokwanele ezigabeni eziphezulu ezikhokhelayo.