IPhini likaMengameli u-Paul Mashatile unxuse ukuthi kuqiniswe imizamo yokuhlolelwa i-HIV, ukuqaliswa kokwelashwa, kanye nokuqinisa umkhankaso wokudla imishanguzo ecindezela leligciwane. Ekhuluma ngesikhathi kugujwa uSuku Lwengculazi Lomhlaba olusemthethweni eSisa Dukashe Stadium eMdantsane, eMpumalanga Kapa, uveze inqubekelaphambili yesizwe kanye nezinselelo ekulweni nesandulela ngculazi nengculazi.
UMashatile umemezele uhlelo lokusebenzisana phakathi koMnyango Wezempilo, uMkhandlu Kazwelonke Wengculazi eNingizimu Afrika (i-SANAC), kanye nabalingani bezentuthuko ukuze kutholakale abantu abayizigidi ezingu-1.1 abaphila ne-HIV abangathathi imishanguzo ungakashayi uDisemba 2025. Lo mzamo uhambisana ne-95-95-95 ye-UNAIDS —ukuqinisekisa ukuthi u-95% wabantu abaphila ne-HIV bayasazi isimo sabo, u-95% walabo abazaziyo izimo zabo badla imishanguzo, kanti u-95% walabo abaneleligciwane ligcina selingasenamandla kubona.
Nakuba u-95% wabantu abane-HIV besazi isimo sabo, bangama-79% kuphela abathola imishanguzo, kanti u-93% walabo abathola imishanguzo bacindezelwe yigciwane. UMashatile ugcizelele isidingo sokuvala lezi zikhala wanxusa ababambiqhaza okubalwa iminyango kahulumeni, amaqembu ezepolitiki, izinyunyana nabaholi bendabuko nabezenkolo ukuthi bagqugquzele ukuthi kuhlolelwe igciwane lengculazi kanye nokubambelela ekwelashweni.
Egqamisa isiqubulo esithi “Amalungelo Alinganayo, Ukunakekelwa Okulinganayo,” uMashatile unxuse ukutholakala kokunakekelwa kwezempilo okulinganayo kuyo yonke imikhakha yomphakathi. Ugcizelele ukubaluleka kokuhlanganisa ukungenelela kwamaqembu asengozini, ikakhulukazi amantombazane asakhula nabesifazane abasebasha abaneminyaka engu-15-24, okuyibo ababalela iningi lezifo ezintsha.
UMashatile uphinde waveza izinselelo ezihlangene ze-HIV nesifo sofuba, i-TB iyimbangela ehamba phambili yokufa kwabantu ezweni. Ubalule ukuthi uhlelo lweNational Health Insurance (NHI) luhlose ukwenza ngcono ukusatshalaliswa kwezinsiza kanye nokunciphisa isiminyaminya ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.
Enethemba ngenqubekelaphambili ekwelashweni kanye nocwaningo oluqhubekayo lwekhambi nokugoma, uMashatile waphinda wagcizelela isidingo sendlela ebanzi nebandakanyayo, ukusungula i-HIV hhayi nje njengenkinga yezempilo yomphakathi kodwa futhi njengenselele yentuthuko kanye namalungelo abantu.