Kugwilize abantu ababili ezigamekweni ezehlukene eKZN. Odokotela bathi owesilisa uminze eBallito Beach, enyakatho yeTheku.
Okhulumela i-IPSS Search and Rescue, uSamantha Meyrick, uthi abantu abebesebhishi ngaleso sikhathi bakwazile ukumkhipha lo ominzile kodwa ubeseshonile.
Kukholakala ukuthi ubeseminyakeni yawo-40.
“Umhlengikazi owayeseholidini e-Europe ngokushesha waqala i-CPR. Naphezu kwemizamo emihle yabezimo eziphuthumayo, le ndoda kuthiwe ishonile.”
UMeyrick uthi inhlekelele iphinde yehlA KwaDukuza.
“Kubizwe izikhulu zophiko lwezokutakula ukuba zizolekelela amaphoyisa aKwaDukuza ekukhipheni isidumbu ngasemfuleni Kugwilize abantu ababili ezigamekweni ezehlukene eKZN. Odokotela bathi owesilisa ugugulwe ogwini lolwandle eBallito Beach, enyakatho yeTheku, ngemuva kokubanjwa yisiphepho ngeSonto ebusuku.
Okhulumela i-IPSS Search and Rescue, uSamantha Meyrick, uthi abantu abebehamba ebhishi bakwazile ukukhipha obegeza emanzini.
Kukholakala ukuthi ubeseminyakeni yawo-40.
“Umhlengikazi owayeseholidini e-Europe ngokushesha waqala i-CPR. Naphezu kwemizamo emihle yabezimo eziphuthumayo, le ndoda kuthiwe ishonile.”
FUNDA: Izimvula ezinamandla ziphazamise ukuthungathwa kwebhungu elidukile eMthunzini
UMeyrick uthi inhlekelele iphinde yehlela KwaDukuza.
“Kubizwe izikhulu zophiko lwezokutakula ukuba zizolekelela amaphoyisa aKwaDukuza ekukhipheni isidumbu ngasemfuleni uMvoti. Isidumbu sekhehla elineminyaka engu-64 ubudala sibonwe abantu abebezidlulela ngeSonto ekuseni. Umsolwa kuthiwa udukile ngoLwesihlanu ekuseni.”
Amaphoyisa ayaziphenya zombili lezi zigameko.. Isidumbu sekhehla elineminyaka engu-64 ubudala sibonwe abantu abebezidlulela ngeSonto ekuseni. Umsolwa kuthiwa udukile ngoLwesihlanu ekuseni.”
Amaphoyisa ayaziphenya zombili lezi zigameko.