Aleneme neze iningi labalandeli bebhola kuleli ikakhulukazi abe-Orlando Pirates ngokushiywa ngaphandle kukaTshgofatso mabasa eqenjini lebafana bafana eliyodlala ne kweyokuhlungela eyendebeyomhlaba ezodlalwa ngenyanga kaJune nonyaka.
Ngaphandle kakamabasa nabanye abadlali abavame ukuba yinxenye yalesi sikwati ababonwa nangokhalo. abadlali abafana noSiyanda Xulu, weSuperSport United, uThabang Monare noTshegofatso Mabasa, be-Orlando Pirates noGoodman Mosele weChippa United.
Kuyaxaka okukaMabasa ukuthi usale kanjani ngoba uyena oqobela amagoli kwiDStv Premiership, futhi uzihola phambili ngawu-15.
Kubadlali abakhona abayikusasa leqembu lesizwe, kufakwe uRelebohile Mofokeng wePirates, noDevin Titus weStellenbosch FC.
IBafana izobhekana neNigeria emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoJuni 7 e-Uyo, bese izokwamukela iZimbabwe ngoJuni 11, eBloemfontein.
Onozinti: Ronwen Williams, Veli Mothwa, Bruce Bvuma, Ricardo Goss
Izitobha: Mthobisi Mvala, Khuliso Mudau, Aubrey Modiba, Grant Kekana, Given Msimango, Sydney Mobbie, Innocent Maela, Siyabonga Ngezana, Thabiso Monyane, Nkosinathi Sibisi, Terrence Mashego, Thapelo Morena, Tapelo Xoli, Thabo Moloisane
Abasesiswini: Teboho Mokoena, Grant Margeman, Jayden Adams, Bathusi Aubaas, Siphephelo Sithole.
Amafolosi: Percy Tau, Evidence Makgopa, Themba Zwane, Patrick Maswanganyi, Mihlali Mayambela, Devin Titus, Mlondi Mbanjwa, Elias Mokwana, Oswin Appollis, Iqraam Rayners, Lyle Foster, Relebohile Mofokeng