Kube nokuphithizela kwezimoto ezidlula ku-N3 Toll Route kuleli sonto, inani lezimoto eziphakathi kuka-1000 neziyi-1900 ngehora eziya eGauteng ezisebenzise lomgwaqo.
Lowo oyinhloko ebhekelele ezokusebenza ku N3 Toll Route u-Thania Dhoogra uthi iziphathimandla zomgwaqo zizoqinisa ezokuphepha kulomgwaqo kuleliviki elizoqala ukuze zilawule isiminyaminya.
“Abasebenzisi bomgwaqo kufanele bazilungiselele ngokukhethekile umthamo wezimoto omkhulu obheke eGoli, lokhu kungadala ukuminyana nokubambezeleka okukhulu ikakhulukazi ngeSonto, ngomhla ka 7 January, phakathi kuka-09:00 no-18:00 futhi bayakhunjuzwa ukuthi uma kudingekile, iziphathimandla zomgwaqo zingase zisebenzise umthetho ukuze kugwemeke lesi siminyaminya”
UDhoogra uthi abashayeli bezimoto kufanele baqaphele isimo sezulu esingesihle ngalesi sikhathi sonyaka, njengoba izingxenye zomgwaqo u-N3 zivame ukuduma kakhulu, imvula enamandla kanye nesichotho.
“Hlala uqaphile futhi unolwazi ngethrafikhi nesimo sezulu emzileni wakho. Vumela isikhathi esengeziwe sokuhamba ukuze uxoxisane ngesineke nangokucophelela ngezimo ezinzima, uma zingavela.
“Shayela ngokuzivikela, landela izimpawu eziyisixwayiso, gcina amalambu emoto yakho evuliwe, gcina amabanga aphephile uma uwalandelayo, hlala ngaphakathi komkhawulo wejubane, futhi uthathe izinyathelo zokugwema izimo eziphuthumayo.”