Abalimi bakhuthazwa ukuthi bathathe imshwalense wezitshalo ukuze bazivikele ezingozini ezandayo kwezolimo, njengesomiso, izikhukhula, isichotho, isithwathwa nemililo yequbula. Njengoba umkhakha wezolimo ufaka imali elinganiselwa kumabhiliyoni angama-R400 ku-Gross Domestic Product (GDP) yaseNingizimu Afrika futhi weseka imisebenzi eyizi-870,000, ukuqinisekisa ukuvikelwa ezinhlekeleleni zemvelo kuya kuba semqoka.
U-Elias Sekoboane, oyi-Rea Manager ye-Santam yeCrop Insurance, ugqamise ukubaluleka kwalokhu kufakwa. “Sihlinzeka ngomshwalense ezingozini ezithile, njengesichotho nesithwathwa, futhi sihlinzeka ngezimpahla ezisesigabeni sezokuthutha, kanye nesivikelo emlilweni nesikhonyane,” esho.
Wengeze ngokuthi uhlobo lokukhokha olutholakalayo luncike esilimoni, umshwalense otholakala ngokuyinhloko wokusanhlamvu, izithelo namawolintshi. Amazinga athonywa yizinto ezifana nendawo lapho ukulima kwenzeka khona kanye nenani lempahla yesilimo esifakwe kumshuwalense.