Izolo umkhandlu iAlfredDuma ibambe umcimbi waminyaka yonke yokuhlonipha abafundi abenzekahle kumatikuletsheni kunyaka ka2023. Lomcimbi wethulwe ngumeya womkhandlu umhlonishwa Cllr Zama Sibisi ngenhlosobyokuchoma uphaphe abafundi abalishumi abenzekahle kanye nokwamukelisa abangu 200 imali yokubhalisa kwizikhungo zemfundo ephakeme.
UMr Nkabinde obeqhamuka kumnyango wezemfundo OThukela ubonge kakhulu othisha, abafundi kanye nabo bonke ababe yingxenye ukuze abantwana baphumelele, ube esedlulisa isicelo sokuthi umkhandlu ube nama career Expo kanye nama exhibition minyaka yonke ukulekelela abafundi ngokukhetha kahle imikhakha.
Ethula inkulumo yakhe uMeya Sibisi ugcizelele ukubaluleka kwemfundo wabe esebafisela uhambo oluhle ezifundweni zabo wabanxusa ukuba bengakhohlwa lapho bevela khona.
Kwabebehambele lomcimbi bekukhina uE.M Buthelezi kanye no N Hadebe abangamalunga ephalamende, ngu Meya womkhandlu uThukela uN.B Shabalala , ngamakhansela , abaholi bendabuko kanye nabaxhasi.
Abafundi abalishumi abahambe phambili kunyaka ka 2023 OThukela yilaba abalandelayo:
1.Hoosen Khan Mahdiyyah- Ladysmith high
2.Nair Tashir – Ladysmith High School
3.Zanokuhle Zesuliwe Ngcobo- Emhlwaneni High School
4.Nokuphila Asande Shezi- Emhlwaneni High
5.Yuvathi Naidoo-Ladysmith High School
6.Noluvo Nomvelo Duma-St. Chad’s high
7.Thashen Casbar Reddy- Ladysmith
8.Siyanda Siyavmthanda Ntombela- Dr Joseph Shabalala Secondary School
9.Fanelesibonge Vilakazi- Sicelukukhanya High School
10.Nhlanzeko Simphiwe Shabalala,-Ingula High School