UNdunankulu wakwaZulu-Natal umphathiswa Nomusa Dube Ncube kanye nabaholi besifundazwe bahambele indawo yase Richmond nalapho bekubungazwa usuku lwesifo sofuba.
Isifo sofuba sisabalwa njengezinye zezifo ezibulalayo eNingizimu Africa kanti indawo yaseRichmond ingenye yezindawo ezinesibalo esikhulayo sabantu abahaqwa yilesi sifo.
Abantu bagqugquzelwe ukuba bavakashele imitholampilo noma izikhungo zezempilo ukuhlolela lesi sifo kuthi laba asebehaqekile bathathe imishanguzo yabo ngokufanele.
Kunezinhlelo zomphakathi ezahlukene ezisiza abantu ukuze belwe nalesi sifo esingabala kuzo TBFree, Community Champions nezinye.
UNdunankulu ube esethula ngokusemthethweni uhlelo lwentsha olubizwa nge”Zikhala kanjani” okuhloswe ngalo ukugqugquzela abantu abasha ukuba bahlole, bazithibe baphinde badlalele kude nophuzo oludakayo ukuze belwisane nesifo sesandulelangculazi kanye negciwane laso.