Kubulawe umsolwa osolwa ngokuba yisigebengu ngesikhathi kubanjwa inkunzi imoto yemali eThekwini ngoMsombuluko ekuseni.
Isigameko senzeke kuWarwick Avenue enkabeni yeTheku ngezithuba zabo-08:00.
Ngokusho kukaGarrith Jamieson we-ALS Paramedics, amaphoyisa ebephendula imibiko ngesigameko sokudubula ebesezeka.
“Abe-ALS Paramedics Medical Services bafike endaweni yesigameko bathola iSAPS (SA Police Service) isivele ikhona.
“Amaphoyisa amabili atholwe enamanxeba okudutshulwa emzimbeni futhi abesesimweni esibucayi.
“Abe-Advanced Life Support Paramedics bazame konke ukusiza lamaphoyisa alimele endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze saseThekwini ukuze bathole usizo oluphuthumayo.”
UJamieson uthe indoda eyodwa, okukholakala ukuthi ingumsolwa, ilimale kabi yashonela endaweni yesigameko.
“Okwamanje izigameko ezaholela kulesi sigameko azikaziwa, nokho amaphoyisa akhona endaweni yesigameko kanti asazophenya kabanzi.”
Enye inkampani ezimele yonogada, i-DRK Tactical efike endaweni yesigameko, ithe iqulu lamadoda abebehlomile kusolakala ukuthi lizame ukubamba imoto ethwala imali ngemuva kokucosha imali ebhizinisini lendawo.
Okhulumela uMnyango uCait Hagerman uthe kusolakala ukuthi abasolwa babaleke nesamba semali esingadalulwanga.
Kuthintwe i-SAPS ukuze iphawule futhi lokhu kuzobuyekezwa uma sekutholakele.