Abantu abathathu, oyedwa wabo obengumfundi, badutshulwe babulawa eBraamfontein, eGoli, ngoLwesine ntambama, kusho amaphoyisa aseGauteng.
UCol Dimakatso Nevhuhulwi uthe kusolakala ukuthi umfundi oyedwa ushonile kulaba abathathu emva kokuhlangana nenhlamvu ebindiza emoyeni.
“Bobabili abesilisa ebebesemotweni kanye nomfundi oyedwa kuthiwa bashonile kanti omunye umfundi uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole ukwelashwa.”
Izithombe ezifakwe enkundleni yezokuxhumana u-X zikhombisa omunye wabashonile elenga efasiteleni lemoto.
Imbangela yokudubula ibingakaziwa kanti abashonile bebengakaqinisekiswa.