KUSHONE abasolwa abane ngesikhathi bedubulana namaphoyisa KwaZulu-Natal ngemuva kokujaha imoto ngesivinini esiphezulu. Abaphenyi bavimbe imoto yaleli qembu ku-N3 eMooi River ngoMsombuluko.
“Amaphoyisa avimbe imoto yabasolwa ku-N3 Highway akhombisa ukuthi umshayeli akame, nokho umshayeli wasuka ngesivinini wathatha umgwaqo ochezukela eHidcote, wahlangana nomgwaqo u-R103 obheke e-Estcourt,” kusho okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshiunda.
“Ngesikhathi bejahana ngesivinini abasolwa baqale badubula bebhekise emaphoyiseni, ukuze bazivikele nabanye abasebenzisi bomgwaqo, amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwathi ngesikhathi sokudubulana kwadutshulwa abasolwa abane abebephakathi emotweni balimala kabi. .”
UNetshiunda uthi bathole isibhamu nesibhamu emotweni. Uthi omunye wabasolwa ubesohlwini lwabafunwa kakhulu.
Ubemataniswa nezigameko zokudubula ezadlula nemiphefumulo kasihlalo kasoseshini wamatekisi nephini lakhe eBergville ngasekuqaleni konyaka.
“Ubefunelwa necala lokudubula erenki yaseBergville lapho kwadutshulwa khona umnikazi wetekisi esigamekweni lapho umgibeli washaywa khona ngenhlamvu, kanye nelokuzama ukubulala umnikazi wetekisi ngoJuni 2024 eWinterton,” kusho uNetshiunda.