Kudutshulwe kwabulawa owesilisa obengumnikazi wama Spaza Shop endaweni yaseTholeni izolo ntambama.
Lona wesilisa ongowokudabuka ezweni laseSomali ubenoxhaxha lwezitolo ezaziwa njengamaTuck Shop ezindaweni eziningi ezahlukene okubalwa kuzo iKuvukeni, ILimehill, Uitval kanye nakhona eTholeni.
Abazibonele ngawabo bathi lomlisa ubesezovala esinye sezitolo zakhe khona kulendawo ntambama izolo ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda angaziwa amkhomba ngezibhamu athi akakhiphe imali, nokuthe uma ezama ukubaleka abe esemdubula.
Omunye ozibonele ngawakhe ithi usola ukuthi lamadoda ebelokhu emlandela ngoba bese kuyisikhathi sokuvala lesi esitolo. Uthe nje ehla emotweni lamadoda nawo abehamba ngeyawo imoto, abe esembhozomela emphoqa ukuthi awanike imali. Kuthiwa lomnini sitolo unqabile wazama ukubuyela emotweni yakhe yohlobo lweNissan 1400, kodwa lamadoda amdubula engakafiki kuyo.
Laba balisa bashaye bachitha nesamba semali engaziwa. Akukacaci noma likhona yini icala elivuliwe ngalesi sigameko.