Ngesikhathi kunomkhankaso ojwayelekile wokumisa nokuthungatha kuCason Road eBoksburg North, onogada beTraffic Warden namaphoyisa eGauteng babophe owesilisa obephethe izidakamizwa okubalwa kuzo neCAT.
Emuva kokuphonswa imibuzo umsolwa uhole amaphoyisa kwenye indawo lapho kutholwe khona ezinye izidakamizwa okubalwa kuzo i-mandrax neCAT zifihlwe emotweni ebimile. Umsolwa waboshelwa ukutholakala nezidakamizwa ezingekho emthethweni.
Kwelinye icala, amaphoyisa alunywe indlebe kwaCarTrack ngemoto yokwebiwa iHyundai Tucson eyamaniswa nokugqekeza eMeadowlands, eSoweto.
Imoto eyebiwe ilandelwe ngempumelelo yase itholwa eBenoni. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka kuwo womabili amacala.