Indoda eneminyaka engu-41 ubudala yaseBangladesh iboshwe ngoMsombuluko, zingama-28 kuMfumfu wezi-2024, yithimba loKlebe eliphenya ngobugebengu obuhleliwe eSecunda. Lona ngumsolwa wesibili ecaleni elithinta impahla okusolakala ukuthi yebiwe. Ukuboshwa kwakhe kwenzeke ngemuva kophenyo oluqhubekayo olummumatanisa nomfowabo, u-Mezan Mohammed, owaboshwa okokuqala ngoLwesihlanu, zingama-25 ku-Okthoba 2024, ngokutholakala nezimpahla ezebiwe zenani elingaphezu kuka-R500,000.
NgoLwesihlanu, zingama-25 kuMfumfu, oKlebe bathola ulwazi mayelana neloli elehlisa izimpahla epulazini eliseLeslie. Amaphoyisa afike endaweni yesigameko abona iloli likhipha impahla. Ngaphakathi kwesakhiwo esikhulu, bathola inqwaba yezimpahla, kuhlanganise nokudla nezinto zokuhlanza emabhokisini, ezebiwe. Kuphinde kwashaqwa neloli elimhlophe iHino njengengxenye yophenyo.
U-Mezan Mohammed uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yase-Leslie ngoMsombuluko, zingama-28 ku-Okthoba 2024, futhi icala lakhe lahlehliselwa uLwesihlanu, 1 Novemba 2024. Umsolwa wesibili kulindeleke ukuba avele enkantolo efanayo ngoLwesibili, 29 October 2024.
Uphenyo lusaqhubeka.