Owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala kanye nowesilisa waseMozambique baboshwe eMoroka, eSoweto, ngokuqamba amanga ngokuthunjwa kwalona wesifazane. Laba babhekene necala lokuthumba kanye nokwephula umthetho.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uthe lo wesifazane kubikwe ukuthi uthunjwe ngoJanuwari 23 eRandburg, kwafunwa imali yokuthi abuye. Ithimba lamaphoyisa eliyisipesheli lilandele umkhondo wakhe kwaze kwafika eMoroka, lapho lifike lamthola enethezeke khona nalowna wesilisa obekuthiwa umthumbile. Uphenyo luveze lona wesimame ubengathunjiwe kodwa bebezihlalele nalomlisa okusolakala ukuthi uyisoka lakhe.