MPUMALANGA – UViolet Veleleni Mabena, 57, oyisikhulu soMnyango wezaseKhaya, uboshwe ngoLwesibili, 19 November 2024, wuphiko loKlebe oluphenya ngenkohlakalo eNelspruit. Uvele eNkantolo yeMantshi yaKwa-Mhlanga ngalo lolo suku, ethweswe icala ngaphansi komthetho iPrevention and Combating of Corrupt Activities Act, 2004 (Act 12/2004, Section 4).
Lesi sigameko senzeka mhla ziyi-10 kuMfumfu wezi-2021, kuthiwa umlisa othile wokufika kuleli wayefuna ukwenzelwa umazisi ngokushesha, watshelwa ngoMabena nokwathi uma eya kuMabena wavuma ukuthi uzomenzela umazisi uma ekhokha u R20 000. Kuthiwa ummangli wabe eseyikhokha lemali. Kuthiwa kwasetshenziswa iminwe yomunye umuntu wakuleli ukuze kukhandwe lomazisi womgunyathi.
UMajor General Gerber, oyiNhloko yoKlebe esifundazweni, uncome ithimba ngokuphothula ngokushesha uphenyo nokubopha uMabena. Ugcizelele ukuthi inkohlakalo eMnyangweni wezaseKhaya ikhathaza kakhulu futhi uyafunga ukuthi labo abasebenzisa budedengu izikhundla zabo ukuze bazizuzele ngokwabo bazobhekana nengalo yomthetho. “OKlebe bazoletha ubulungiswa ngaphandle kokwesaba nokuchema,” usho kanje.