Umqeqeshi weqembu leKwaZulu Natal eligijima ku-Dstv Premiership, iRichards Bay FC, uchithe amahora ambalwa evalelwe ejele nonogada bakhe ngemuva kokuboshwa bethweswa icala lokutholakala nemoto yokwebiwa. USIHLALO weqembu uJomo Biyela ucishe waphuthelwa wumdlalo weqembu lakhe ne-Orlando Pirates ngemuva kokuboshwa nonogada bakhe ngoLwesihlanu.
UBiyela uboshwe esanda kuhambela umcimbi we-ANC obuselokishini laseSikhaleni phambilini elaziwa ngeleSikhawini oGwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal. Ngokusho komthombo wamaphoyisa, uBiyela okumanje iqembu lakhe elivika izembe kuPremier League uphonswe imibuzo nonogada bakhe ngemuva kwezinsolo zokuthi babanjwe behamba ngemoto yokwebiwa ingenazo izinombolo. La madoda amane kamuva athweswa icala lokutholakala nemoto eyebiwe.
Ngokusho kukaBiyela imoto eyiSUV ngeyenkampani yonogada ayiqashile. “Ngeke ngiphendule ngaleya moto, yebo sayiswa esiteshini samaphoyisa Esikhaleni, sabuye sadedelwa, ngalala ekhaya manje sengizohamba ngiye emdlalweni weqembu lami ne-Orlando Pirates. Angizidingi izindaba ezinjena sizovela enkantolo ngoMsombuluko ngokwenqubo, kodwa lokhu akuhlangene nami,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuboshwa kukaBiyela. “Amaphoyisa aseSikhaleni abophe abasolwa abane ngokutholakala nemoto okusolakala ukuthi yebiwe ngoLwesihlanu ntambama. Amaphoyisa abezulazula emgwaqeni uMthombothi ngesikhathi ebona iToyota Fortune emhlophe okusolisayo ingenazo izinombolo, ayimisa ngokushesha. Uphenyo lokuqala luveze ukuthi imoto kwabikwa ukuthi yebiwe eDurban North ngoMashi 2023. Bonke abasolwa abane baboshwa kanti bazovela enkantolo yendawo ngoMsombuluko, 13 May 2024,” kusho uNetshiunda.