KUBOSHWE amaphoyisa amane ngezinsolo zokusiza umphathi wezimayini ngokungemthetho uJames Neo Tshoaeli, owaziwa ngelikaTiger, ukuba eqe esitokisini eStilfontein, eNorth West.
Okhulumela amaphoyisa uBrig Athlenda Mathe uthe uTshoaeli wagcina ukubonakala ngoJanuwari 15 eShaft 11 eStilfontein kodwa akazange afike ezitokisini zamaphoyisa.
“I-SAPS Anti-Corruption Unit ibophe la maphoyisa amane ngeqhaza lawo ekukhululweni kwakhe,” kusho uMathe.
Abavukuzi bachaze uTshoaeli njengomholi ononya futhi onodlame obebusa ngokwesaba. Kuthiwa ubelawula ukudla nemithi ngomshoshaphansi futhi wasebenzisa udlame ukugcina amandla, okuhlanganisa nokushaya abantu ngesjambok nezinye izikhali.