Abe Road Traffic Management Corporation (RTMC) bathi sekuboshwe omunye umsebenzi wesikhungo sokwenza izincwadi zokushayela eMpumalanga.
Lomsebenzi uboshwe ngezinsolo zokugwazisa abantu ukuze bathole izincwadi kulesiya sifundazwe.
Izolo, amaHawks abophe abantu alishumi nantathu (13) okubalwa kubo amaphoyisa omgwaqo kanye nomphathi wesikole sokufundela ukushayela.
Okhulumela iRTMC uSimon Zwane uthi” abasolwa bazothweswa amacala enkohlakalo, abasebenzi balomnyango bazobhekana nesijeziso esilukhuni ngoba bazophelelwa nangumsebenzi”