Ezinyangeni ezedlule amaphoyisa KwaZulu-Natal abe nenqubekela phambili enkulu ekulweni nobugebengu esifundazweni, akhipha izibhamu emigwaqeni aphinde abopha abantu abangaphezu kuka-10 000 ngamacala ehlukene.
EThekwini isishoshovu samalungelo abantu uMary de Haas sigcizelele isidingo sokuthi kube nomthetho oqinile olawula izibhamu. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, ubike ukuthi kushaqwe izibhamu ezingu-258, kwaboshwa abasolwa abangu-190 ngamacala okubulala, abangu-232 ngamacala okuzama ukubulala, baba ngu-200 ngamacala okudlwengula. Bangaphezu kuka-200 abasolwa abamataniswa nokugetshengwa kwezindlu, ukugebenga amabhizinisi, ukubamba inkunzi kusetshenziswa isihluku kanye nokuduna izimoto.
Bangaphezu kuka-1 500 abantu ababoshwe ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza. Ukuvikelwa kwabesifazane nezingane kwabekwa eqhulwini, kwaboshwa abayi-190 ngokwephulwa kweMiyalelo Yokuvikeleka.
Kuphinde kwaboshwa abangu-1,591 ngamacala ahlobene nezidakamizwa, kwaboshwa abanye abangu-321 ngokushayela bephuze utshwala.
UNetshiunda unxuse amalungu omphakathi ukuthi aqhubeke nokuqwashisa amaphoyisa ngezenzo zobugebengu nokuphulwa komthetho, wathi ubudlelwano obuqinile phakathi kwamaphoyisa nomphakathi busaqhubeka nokuhlukanisa izigilamkhuba nokudala imiphakathi ephephile nevikelekile.