Abasolwa abane, abaneminyaka ephakathi kuka-26 no-38 ubudala, baboshwe yithimba lamaphoyisa ase-Ekurhuleni Metropolitan Police Department (EMPD) Eastern Region Task Team ngoLwesithathu, 08 January 2025, ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Laba baboshwe ngezithuba zabo-09:30, kulandela ukuncinzwa indlebe ngabasolwa abebehamba ngemoto yohlobo lweToyota Avanza emhlophe nenombolo puleti yamanga. Kubikwa ukuthi le moto ibisetshenziselwa ukuhlukumeza abantu basemijondolo yaseMina Nawe.
Amaphoyisa e-EMPD aqale umkhankaso wokufuna imoto futhi athola imoto enabantu abane ekhoneni le-Buffalo kanye ne-Brazil Roads eMayfield. Ngesikhathi emisa imoto, amaphoyisa enze uphenyo olujwayelekile, oluveze ukuthi umshayeli ubengenayo izincwadi zokushayela ezisemthethweni nokuthi i-disc yemoto ibinokukhwabanisa.
Okunye ukusesha kutholwe isibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe-9mm esiklwetshiwe inombolo yaso kanye nezinhlamvu eziyisikhombisa ezibukhoma. Abasolwa baboshwe ngokushesha bathuthelwa esiteshini samaphoyisa ePumfontein.
Iziphathimandla zikuqinisekisile ukuthi kusaphenywa ukuze kutholakale ukuthi abasolwa bangenwe yini amacala.
Abahlali basemijondolo yaseMina Nawe bakwamukele ukuboshwa kwalaba bazwakalise ukuthi banethemba lokuthi imizamo yokuqinisa umthetho izobuyisela ezokuphepha nokuthula endaweni. I-EMPD isiphinde yagcizelela ukuzibophezela kwayo ekulweni nobugebengu kanye nokuqinisekisa ukuphepha kwayo yonke imiphakathi yase-Ekurhuleni.